Inkosikazi kaThiago Silva, uBelle Silva, igxeke abadlali beChelsea ngemuva kokudliwa kwayo ngo 2-1 ibhekene neFulham kumdlalo wePremier League izolo.
Ngemuva komdlalo uBelle ubhale kanje ekhasini lakhe kuTwitter: “Ngabe kungcono ukuba kunomunye uThiago Silva phambili nomunye futhi esiswini, phezu kwalokhu esikuphethe emuva…”
Akaqali ukugxeka leli qembu njengoba ngesonto eledlule ebhale ukuthi akoni ukubuyekeza isinqumo sakho uma singasebenzi, abaningi bazifundela kwezabo ukuthi ugadla kumnikazi omusha weChelsea ngesinqumo sakhe sokuxosha uThomas Tuchel.
Abalandeli beChelsea bathwele kanzima kulezi nsuku njengoba isanqobe kanye kwimidlalo emihlanu edlule.
Imphumela yakamuva isiyibeke kunombolo 10 kwi-log yePremier League. Umqeqeshi weChelsea omusha, uGraham Potter, usanda kuveza ukuthi ayikho into angayisho ngabantu abangamfuni kuleli qembu, wathi isizathu sokuboza kweqembu isibalo esiphezulu sabadlali abalimele kodwa wenza konke okusemandleni ukunqoba imidlalo.