Umqeqeshi weKaizer Chiefs u-Arthur Zwane uthi bekungelona usuku lwabo izolo beshaywa AmaZulu ngo 4-0 eMoses Mabhida Stadium ngoba abadlalanga kabi kangako.

IChiefs ibulawe kakhulu abadlali ababesemabhukwini ayo kulo mdlaĊ‚o oDumisani Zuma (oshaye igoli lokuqala) Ramahlwe Mphahlele (ovalele elesibili), noGeorge Maluleke oshaye ama-assist amabili. Esiswini Amakhosi aphinde ahlushwa wuPule Ekstein naye owayedlalela iChiefs. Amanye amagoli oSuthu avelelwe wuJunior Dion noBongi Ntuli.

Ngemuva komdlalo uZwane uthe bebewuphethe umdlalo futhi bebengenza kangcono ukube bayikorile ipenalty egejwe wuBonfils-Caleb Bimenyimana.

“Siwuqale kahle umdlalo sawuphatha zisuka kodwa sihlulekile ukuthatha izinqumo eziphusile phambili lapha nalaphaya. Bashaye igoli engikholwa ukuthi besingenza kangcono kulo. Sithole ipenalty…ukube siyivalelile ngabe kube umdlalo ohlukile,” kuchaza uZwane ekhuluma neSuperSport TV.

“Siphinde senza amanye amaphutha, kwangena amagoli. Ngeshwa thina uma amaqembu esibhekene nawo enza amaphutha siyahluleka ukuwasebenzisa. Ngifuna ukusheshe ngilukhohlwe usuku lwanamhlanje (izolo). Abadlali bazame konke okusemandleni. UMshini ubengakora, uDuba bekumele akore, noDove…bekungelona usuku lwethu. Asidlalanga kabi kangako.”

Bekungokwesithupha iGlamour Boys ishaywa kule sizini emdlalweni ewu-16. Emdlalweni olandelayo iChiefs izobhekana neMamelodi Sundowns ngoJanuary 21.