Kubikwa ukuthi isishiphelene phakathi kwabaphathi beRichards Bay FC nobengumdlali weKaizer Chiefs naMaZulu FC uSiyethemba Sithebe.
Ngokwemibiko yakamuva uSithebe umisiwe eqenjini ngenxa yendlela aziphathe ngayo ngaphambi kokuxoshwa kukaBrandon Truter. Kuthiwa uSithebe wazwakalisa ukungagculiseki ngamaqhinga eqembu ngemuva kwenduka iBay eyayithola kuMaZulu. Kusukela kulowo mdlalo ulizwa ngendaba ijezi njengoba ebengekho beshaya iGolden Arrows nasemdlalweni odlule neSuperSport United.
Ekhuluma kuKhozi FM okhulumela lo mdlali uMasawakhe Sithebe uphumele obala ngokungaboni ngasolinye phakathi kwakhe nabaphathi beqembu.
“Ngeke ngikwazi ukukuqinisekisa ukuthi uSithebe usawumdlali weRichards Bay noma cha. Kodwa ngiyazi ukuthi bahlela ukunqamula inkontileka yakhe,” kusho yena.
“Abangithinti njengomuntu ophethe izindaba zakhe, nginethemba lokuthi sizohlangana neqembu sithole isisombululo. Angiboni basafuna ukumgcina kodwa. Sizothola kahle emhlanganweni olandelayo.”