Imindeni esentshonalanga yeTheku KwaZulu Natal isaqhubeka nokuthungatha izihlobo zayo ezaduka ngesikhathi kunezikhukhula ezinamandla kulesifundazwe emasontweni adlule. 

Umndeni wakwaHlophe nowakwaMthembu esendaweni yakwaNdengezi naseDassenhoek ithi isililahlile ithemba lokuthi iyoke ithole abathandiweyo bayo besaphila emva kokuba bamuka nezikhukhula ngenkathi bethi babalekela ezindaweni eziphephile. 

Ilungu lomndeni wakwaHlophe, uNkk Sinenhlanhla abahlala eDassenhoek, ngenkathi ekhuluma neSABC News uthe bayafisa ukuthi uhulumeni aqhubeka nokubalekelela babheke izihlobo zabo. 

“Loku kusiphatha kabi kakhulu ngoba nabo labekhona bayonakala. Kuzoba nzima ukuthi babonakale. Sesihamba singena amakhaza ukubheka ukuthi awekho yini amalungu omndeni wethu khona,” kusho uNkk Hlophe.

Abantu abangakatholakali kulezindawo bawu-17 kubalwa kubo nosana olunezinyanga eziyisikhombisa. Abantu abawu 11 abomndeni wakwa Hlophe.