Ilokhu ingene njalo imiyalezo yokududuza umndenini wowayenguNobhala we-EFF uMnuz Godrich Gardee emva kokutholakala kwesidumbu sendodakazi yakhe, eyanyamalala ngo-Ephreli 29. 

Ngokwesitatimende esikhishwe yi-EFF indodakazi kaGardee, uHillary Gardee (28) itholakale ingasekho namhlanje ngaphandle kwaseNelspruit eMpumalanga. Kuthiwa umufi wayegcine ukubonakala nendodakazi yakhe eneminyaka emithathu, yona eyasheshe yatholakala endaweni ngaseMbombela.  

Umengameli we-EFF uMnuz Julius Malema udlulise amazwi enduduzo emndenini wakwaGardee wabe esethi: “Bambulele, igama lakhe uHillary Gardee, indodakazi yowayenguNobhala waleliqembu, umoya wakhe ulale ngoxolo, sizobathola.”

Leliqembu lichaze umufi njengomuntu obenothando futhi enentshisekelo njengoba kade enebhizinisi lezobuchwepheshe futhi enza izifundo ze-Information Technology eNyuvesi yaseNingizimu Africa. 

“Siyazwelalana kakhulu nomndeni kaGardee kwazise uHillary ubengumafungwase kakhomishana uGardee. Loku makube isifundo kuthina sonke ukuthi kumele kuliwe nalesihlava sokuhlukunyezwa kwabesifazane,” kusho isitatimende.