Kubakhuphulele ukukhathazeka abalandeli beKaizer Chiefs ukubona ukuthi ezabo ziphinde zathola isibhaxu esinzima kumdlalo wokulungiselela isizini entsha.

Izolo Amakhosi abulawe yiTS Galaxy ngo 3-0 emidlalweni wobungani obufihliwe. Amagoli eRockets ashaywe nguPuso Dithejane, Sphiwe Mahlangu noThokozani Sibanyoni.

IChiefs ibingashongo lutho ngalo mdlalo ezinkundleni zokuxhumana kodwa abalandeli bayo babone nge-post ekhasini leTS Galaxy yazisa abalandeli bayo ukuthi isanda kuvithiza Amakhosi.

Okwamanje kucacile ngisho ingane ukuthi umqeqeshi weChiefs omusha uNesraddine Nabi usazama ukuhlanganisa iqembu elizodlala into ayifunayo.

Emdlalweni wakhe wokuqala owabukwa abalandeli bashaywa ngo 4-0. Indlela iChiefs eshaywa ngayo kwenze abantu bezibuze ukuthi kanti yini le engaka eyayenziwa eTurkey ngoba isanamaphutha afanayo.

Ngemuva kwalo mdlali uNabi wakhala ngokushoda ngabadlali abanamava futhi abasezingeni lokudlalela iqembu lesizwe kwiChiefs. Kunzima ukusayinisa abadlali nokho njengoba lomqeqeshi egeje uKhanyisa Mayo, Elias Mokwana, Iqraam Rayners, Fiston Mayele, Percy Tau nabanye okuthiwa ubebabhekile.

IChiefs izovula isizini yeBetway Premiership ngomdlalo neMarumo Gallants eFree State Stadium ngo-14 September.