Inkakha yePortugal uCristiano Ronaldo uzithwese ijoka lokushaya amagoli angu-1,000 ngaphambi kokuthatha umhlalaphansi phansi ebholeni elikhokhelayo.
URonaldo, oyibamba kwi-Al Nassr eSaudi Arabia, ushoda ngegoli elilodwa ukuze ezohlanganisa u-900 wamagoli uma kuhlanganiswa amagoli awabhakuzise kwiSporting CP, Manchester United, Real Madrid, Juventus neqembu lesizwe.
Ekhuluma nenkakha ayedlala nayo kwi-United uRio Ferdinand, lomgadli uthi ukulimala kuphela okungamphazamisa.
“Ngifuna ukushaya amagoli angu-1,000. Yikhona okubalulekile empilweni yami lokho uma ngingeke ngiphazanyiswe ukulimala. Ngizoqala ngiphule irekhodi lokushaya amagoli angu-900. Ngizolandela ngokuhubha amagoli angu-1,000,” kusho uRonaldo.
Ingwazi yaseBrazil uPele ibekwe eqhulwini kubadlali ababhakuzise inethi emlandweni webhola emhlabeni jikelele. Lengwazi yashaya amagoli angu-1,279 ngesikhathi isagijima kwiSantos, New York Cosmos neqembu lesizwe.
URonaldo uthi amagoli awashayile ebholeni elikhokhelayo anobufakazi njengoba evela kuma-video.
“Wonke amagoli engiwashayile ayatholakala kuma-video. Amagoli ami aqoshiwe. Ngiyabahlonipha (Pele noDi Stefano) kodwa nginenqwaba yamagoli abonakalayo. Ngizokukhombisa namagoli engiwashaya ejimini uma ufuna amanye amagoli. Abadlali abalandela ngemuva bazozibonela nabo, bazomkhetha umdlali onswempu kodwa anginandaba nalokho,” kubeka uRonaldo.