Umdlali ozitamuzela isikimu kwiMamelodi Sundowns uNeo Maema uthi usewulindele kabomvu umdlalo weDSTV Premiership neGolden Arrows namuhla ebusuku.
“Umdlalo uzobe uhlukile ngoba nayo i-Arrows inqobile emidlalweni emibili edlule. Bagqugquzelekile ukuthi bawine lomdlalo, wonke amaqembu afuna ukuhlula oshampeni beligi, ngilindele umdlalo onzima.
Siyiqembu elikhulu, sizosebenza, siyakwazi okulindelwe kithi,” kusho uMaema.
ISundowns yagcina ukuhlulwa yi-Arrows ngo-2019.