Kubekeka isazoba matasa ezinsukwini ezimbalwa ezizayo iKaizer Chiefs njengoba isimemezele ukuthi isiyinqamulile inkontileka kaKamohelo Mahlatsi okungaziwa wasayiniswa kubonwani kuye.

UMahlatsi ufike kwiChiefs ngesizini edlule wahluleka wancama ukuzakhela igama njengoba edlale imidlalo emihlanu kuphela. Ngaphambi kokujoyina iChiefs ubewumdlali weSwallows, ahambe kuyo eyishayele igoli elilodwa ne-assist eyodwa emidlalweni ewu-23 ngesizini ka-2021/2022. Wayeyiswaphi? Asazi.

Kule sizini uMahlatsi ubesadlale umdlalo owodwa. Ngaphandle kwakhe, bakhona nabanye abadlali kwiChiefs abaningi abasabuza ukuthi ngabe basahlaleleni ngoba ayikho into abayenzela iqembu.

Ukuhamba kwalo mdlali kuzovula isikhala somdlali omusha kwiChiefs njengoba isizoba ne-budget yokuholela omunye umdlali.

IChiefs namanje isazama ukusayinisa umdlali oyibamba esiswini kwiStellenbosch, uSibongiseni ‘Ox’ Mthethwa, kanti kuvela ukuthi isibeke uR8 million etafuleni leStellies.

Ngaphandle kwakhe, kuvela nokuthi uLuke Fleurs uziqeqesha neChiefs kulandela ukunqamula inkontileka yakhe kwiSuperSport United.