Umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos uthi kuyamthusa ukubona iKaizer Chiefs iqala isizini ngegiya eliphansi njengoba ebelindele okukhulu kuyona.
UBroos uthi iMamelodi Sundowns uzophinde iyithathe kalula iligi.
“Ngiyathuka uma ngibona iKaizer Chiefs, kufanele ngabe ilwisana neSundowns ngoba isayinise abadlali abaningi.
Iqale isizini ngokuboza emidlalweni eminingi. Ihleli kunombolo 14 kwiligi, ibhola abalidlalayo alikho lihle. Angithandi ukuyibukela imidlalo yabo.
Ngibona Kuzokwenzeka okufsnayo kulesizini. ISundowns izoqhubeka nokuzithathela iligi, inabadlali abasezingeni eliphezulu. Kukhona umdlali okwazi ukubanqobela imidlalo, uShalulile ubaluleke kakhulu,” kubeka lomqeqeshi.