UDan Malesela usedalule izizathu eziholele ekutheni agcine eshiyile kwiRoyal AM a eqeqesha kuyo ngokubambisana no-Abram Nteo noKhabo Zondo.

UMalesela ukhale ngobuhlathi beRoyal AM emnikeze umsebenzi ngaphandle kokumsayinisa inkontileka.

“Kwakufanele ngisayine inkontileka kodwa akufikanga lapho. Saqeda konke ngesivumelwano. Ngakhuluma noMengameli weRoyal AM ngimchazela ngezifiso zami.

Ngalandela ngokukhuluma noSihlalo weMarumo, savumelana ngenkontileka, yingakho ngiqoke ukuthatha umsebenzi kwiMarumo,” kubeka lomqeqeshi ekhuluma no-Andile Ncube ohlelweni lweSports Nights Amplified.

UMalesela uthi ushiye kwiRoyal AM ngoba ebona kumhlula ukusebenza ebambisene nabaqeqeshi ababili.

“Ngiyathanda ukusebenza ngingedwa, kunzima uma sengibalwa nabanye abaqeqeshi ngoba besibambisene.

Bekukuhle sisebenza sibambisene kodwa ngibhekelela igama lami manje, kunzima ukuchaza ukuthi bengisebenza kahle kwiRoyal AM,” kusho lomqeqeshi.