UFlorin Vulturar, oyi-agent kaSiyabonga Ngezana, uthi siyakhuphuka isibalo samaqembu azimisele ngokusayinisa lesitobha seBafana Bafana neFCSB. 

UNgezana (27), ongomunye wezethenjwa kwiFCSB engompetha eRomania, wayefunwa uthuli yiFC Lorient yaseFrance ngesizini ka-2023/24.

Yize ephazanyiswe ukulimala ekuqaleni kwesizini, uNgezana usebuyelile esikimini, wasiza ezakhe esezinqobe imidlalo emithathu kwemine kwi-UEFA Europa League eqhubekayo.

UVulturar uveze ukuthi kungenzeka uNgezana ayishiye iFCSB uma kuphela isizini. Uqhube waveza nokuthi iqembu elizimisele ngoNgezana kufanele lidedele u-€10 million (R193 million). 

“Siyakhuphuka isibalo samaqembu agaqele uNgezana. Sizokhuluma ngendaba yamaqembu amfunayo uma sekusongwe isizini. Ngibona ezoba maningi kakhulu amaqembu amfunayo uma engalehlisi izinga. 

“Amaqembu azombukela eduze uma eqhubeka nokwenza kahle e-Europe. Kufuneka u-€10 million eqenjini elizimisele ngaye. Siyakhula isibalo samaqembu amfunayo, indaba yakhe izolungiswa kahle uma kusongwa isizini,” kuchaza uVulturar etshela iziko labezindaba iFanatik SuperLeague.

Inkontileka kaNgezana izophela ngoJuni 2027. IKaizer Chiefs, okuyiqembu likaNgezana elidala, lingahlomula ngo-10% uma kudayiswa lesitobha.