Istobha esisha se-Orlando Pirates, uTapelo Xoki ulibona lifezeka emnyakeni embalwa ezayo iphupho lokunqoba isicoco seCAF Champions League.
IPirates lokhe yagcina ukudla lesi sicoco ngo-1995. Ngesizini edlule iPirates ishwebe isicoco seCAF Confed kwi-final idliwa yiRS Berkane. Nokho umdlali wayo omusha uXoki uyibona inqoba isicoco seChampions League emnyakeni ezayo.
“Iqembu lizuze okuningi emlandweni walo ngingekho. Kuzosho lukhulu kimina ukunqoba iChampions League nePirates. Ukuba yingxenye yabadlali abayohlale bekhunjulwa, abayobizwa ngezinkakha. Ngoba namanje abantu basakhuluma ngePirates ka-95 eyanqoba iChampions League.
“Ngiyakholwa ukuthi nathi singakwenza uma ngibuka abadlali abaqukethwe yiqembu manje. Kumasizini amabili/amathathu kungenzeka,” kusho uXoki.
IPirates ihlulekile ukubuyela kwiChampions League kule sizini kodwa uXoki uthi bazokulungisa lokho. IBucs iyiqale kahle imidlalo yeDStv Premiership kule sizini futhi ibukeka izoba ngelinye lamaqembu azobe esembangweni esicoco.