Sphamandla Gumede
Uqophe umlando uPitso Mosimane eba umqeqeshi wokuqala weqembu lase-Egypt onqobe umdlalo eDemocratic Republic of Congo ngesikhathi i-Al Ahly ishaya i-AS Vita ngo 3-0 emdlalweni weCAF Champions League obuseKinshasa.
Imiphumela emibili edlule ye-Al Ahly kwiChampions League ifakele uPitso ingcindezi, obekwenza amathuba okudlulela esigabeni esilandelayo anciphe. I-Ahly inyukele endaweni yesibili kuGroup A ngamaphuzu ayisikhombisa. Bekuqala ngqa ukuthi iqembu lase-Egypt liwine eDR Congo emidlalweni engu-22.
“Umdlalo besiwuphethe, lokho sikucacise zisuka. Benginethemba lokuwina ngoba i-Al Ahly inabadlali abasezingeni eliphezulu, abanesipiliyoni futhi abakwaziyo ukumelana nezimo ezibucayi,” kubeka uPitso ecashunwa yiKingfut. UMengameli weqembu uMahmoud El Khatib ube esehlomulisa iqembu ngamabhonasi kabili njengoba likwazile ukuguqula isimo salo ebesingesihle kwiChampions League. UPitso uthi ubengatatazeli nakancane ngokuguqula isimo seqembu kwiChampions League.
“Angikhulumi kanje ngoba siwine ngamagoli amathathu ekuhambeni. Ngakukhuluma emdlalweni odlule ukuthi sizonqoba, yize umdlalo waphela zibambene ngo 2-2. Besibhekene nobunzima namuhla. Bekuyisimo sezulu, ukushisa kanye nenkundla enotshani obufakeliwe. Kodwa siyi-Al Ahly asifuni ukubeka izaba, sidlalela ukunqoba. Singene kulomdlalo sifuna ukunqoba, okuwumphumela esiwutholile ekugcineni,” kuphetha uJingles.
I-Ahly izokwamukela iqembu elisesicongweni iSimba SC eCairo ngaphambi kokugoqa umzuliswano wamaqoqo uma isilibangisa eSudan iyodlala ne-Al Merreikh.