Owayengumdlali weKaizer Chiefs onqobe isicoco sakhe sokuqala seligi, uSiyabonga Ngezana, usechaze kabanzi ngobunzima abhekane nabo efika eRomania waveza nokwamenza washiya ePhefeni.

Ngasekuqaleni kwesizini uNgezana usheshe wanikezwa ithuba lokuziveza kwiFSCB kodwa kwakungekho lula futhi ebuye abekwe ebhentshini.

Ngokuqhebeka kwesizini nokho uNgezana ugcine kubadlali ababalulekile kwiFSCB, kwaphinde kwavela nokuthi kunamaqembu aseFrance ambukayo.

Engxoxweni no-Andile Ncube kwiSports Night Amplified uNgezane uchaze ngobunzima abhekane nabo.

“Ukuqala kabusha endaweni entsha akukho lula. Kumele ufunde ulimi olusha, nendlela yempilo yakhona,” kuchaza yena.

“Kudingeke ukuthi ngiqale ngijwayele indawo, isimo sezulu kanye nozakwethu abasha. Bekungekgo lula. Kudingeke ukuthi ngizikhandle, ngizinikele.”

Eqhuba uthi izinga lebhola eRomania lingenhla uma eliqhathanisa nelaseNingizimu Afrika. Enza isibonelo nje uthe kunakwa izinto ezincane ezibukeka zingathi shu, kodwa zigcina sezinqobisa iqembu imidlalo.

Kwenye ingxoxo neFARPost uNgezana uveze ukuthi ushiye iChiefs ngoba efuna ukunqoba okuthile.

“Angikazi ngishi ukuyichaza indlela engijabule ngayo, ikakhulukazi ngoba bekuyisizini yami yokuqala e-Europe. Kusho lukhulu ukuthi senginqobe isicocoi sami sokuqala.”

“Ngihlale eqenjini ebengilidlalela [Kaizer Chiefs] isikhathi eside, angiqobanga lutho…bengizoba nomlando onjani ebholeni ngingenalutho. Ngavuka emaqandeni ngabona ukuthi kumele ngenze okuthile ebholeni ukuze ngizokhunjulwa ngakho uma sengiwagaxa emgibeni.

UNgezana ubizwe isikwatini seBafana okokuqala nonyaka njengoba ebhekane neNigeria ekuhambeni waphinde wadlala sekubhekwene neZimbabwe eFree State Stadium ngoJune 11.