Umdlali wase-Egypt ogijima kwiLiverpool, uMoh Salah, usexolisile kubalandeli baleli qembu ngokuhluleka kwabo ukungena kwi-UEFA Champions League ka-2023/2024.

ILiverpool ishwebe ekugcineni ukungena kulo mqhudelwano kulandela ukuqoqa inqwaba yama-win emasontweni edlule ukuze ingene kwi-top 4. Imizamo yayo ayanelanga njengoba izolo iMan United izibekisele indawo kwiChampions League yangesizini ezayo ngokushaya iChelsea ngo 4-1.

UMoh Salah ubhale kanje ezinkundleni zokuxhumana: “Ngiphoxekile kakhulu. Asikho isizathu salokhu. Besinakho konke ebesikudinga ukungena kwiChampions League yangonyaka ozayo kodwa sahluleka.

“SiyiLiverpool, ukungena kulo mqhudelwano ubala. Ngiyaxolisa kodwa angikwazi ukubhala into ezoninikeza ithemba njengamanje. Siniphoxile, saziphoxa nathi.”

ILiverpool izoyincenga neBrighton & Hove kwi-Europa League ngesizini ezayo.