Abalandeli baloyo owayengumongameli wakuleli uMnuz Jacob Zuma bakhumbule ukuboshwa kwakhe ngaphandle kweNkantolo yeMantshi eThekwini ngoLwesine abathi kwakungekho emthethweni.
UZuma wazinikela kwabakwasidlodlo ngoJulayi 7 nyakenye, kulandela ukugwetshwa izinyanga eziwu 15 ebhadla ejele. UMsholozi waboshelwa icala lokudelela umyalelo wenkantolo yoMthethosisekelo, emva kokwenqaba kwakhe ukuphendula imibuzo phambi kweKhomishini ebiholwa yijaji elikhulu uRaymond Zondo, ephenya izinsolo zokulawulwa koMbuso yidlanzana.
Emva kokuba kuphele iviki kunomzuliswano wokuthi angeke alibhade ejele uZuma, wavuma ngomzuzu wokugcina wazinikela, waqala isigwebo sakhe eJele lase Estcourt.
Abalandeli bakhe bakholwa wukuthi okwenzeka kuZuma kwakungekho emthethweni. UMnuz Nkosentsha Shezi obesenkantolo uthe bazoletha uhlu lwezikhalazo zabo, bafuna ukuthi lisulwe icala likaZuma. UShezi utshele iNewzroom Afrika ukuthi bazokhalaza ngokungabibikho kobulungiswa mayelana nokuboshwa kukaZuma.
“Sizoletha izikhalazo zethu lapha ngokuboshwa okungekho emthethweni kuka Zuma,” kusho uShezi.
Former President Jacob Zuma's supporters have handed over a memorandum of demands at the Durban Central Police Station, calling for the scrapping of charges against him. @Karinda_J reports.
— Newzroom Afrika (@Newzroom405) July 7, 2022
Watch: https://t.co/atE7QJkWye#Newzroom405 pic.twitter.com/rr8vhHk40e
UZuma usidonsela ekhaya isigwebo sakhe emva kokuphuma ejele ngoshwele ngenxa yokugula. Wadedelwa emva kokuhlala izinyanga ezimbili ejele.