Amaphoyisa athi asola izintambo zikagesi ngokushona izingane ezine, ezineminyaka eyisishiyagalombili kuya ku-13, kusha imikhukhu eMpumalanga ngoMsombuluko ekuseni. 

UBrigadier Selvy Mohlala uthe kushone amawele aneminyaka ewu-13 kanye nabafana abaneminyaka ewu 8. Uthe kusolakala ukuthi imbangela yomlilo idalwe izintambo zikagesi ezihamba phansi emikhukhwini yaseMarikana, nokuthi uma kubuya ugesi obungekho kwadaleka umlilo. 

UBrigadier Mohlala utshele iNewzroom Afrika ukuthi bazolinda umbiko ozovela kubaphenyi be-Forensic ukuze bazi ukuthi umlilo udalwe yini. 

Eqhuba uBrigadier Mohlala uthe kusolakala ukuthi umama wabantwana abashonile (33) ubebashiye nomfowabo ona-17 izinsuku ezintathu. 

“Ngenkathi umlilo uqala umfana ona-17 uzamile ukuhlenga izingane zakubo kodwa umlilo ubumkhulu kakhulu. Umfana nonina baphuthunyiswe esibhedlela ngenxa yokuthuka,” kuchaza uBrigadier Mohlala.