Umqeqeshi weKaizer Chiefs u-Arthur Zwane ulindele umdlalo onzima kwiRoyal AM abazobhekana nayo kwi-quarterfinal yeNedbank Cup ngeSonto kodwa ubona benethuba elihle lokudlulela kuma-semifinal.

Ebuzwa ngokubhekana neRoyal AM okuyiqembu elivame ukuyidalela inkinga iChiefs, uZwane uthe awasekho amancane kwiDStv Premiership ngoba namaqembu asathathwa njengamancane aseyakwazi ukuqhudelana namaqembu amakhulu.

“Awukho umdlalo olula. Ngisho ngabe kuthiwa ubhekene neqembu elikhulu noma elibizwa ngeqembu elincane, empeleni nje awasekho amaqembu amancane kwiPSL. Yonke imidlalo inzima. Okubalulekile ukuhlelela umdlalo wakho ngendlela,” kuchaza uZwane.

Ebuzwa ngokulahla amaphuzu emdlalweni odlule uZwane uthe okubalulekile manje ukuthi basaqhubeka nokwakha amathuba okukora, kodwa ufuna ukubona abadlali bakhe bevalela amathuba ukuqinisekisa ukuthi bazoqeda kunombolo 2.

Uthe usekuqaphile nokuthi abadlali bakhe bayatatazela uma bengenelwa yigoli.

“Amaphutha ayingxenye yomdlalo, yinto esisebenza phezu kwayo ukuqinsekisa ukuthi asiwenzi amaphutha aholela ekutheni singenelwe amagoli. Asifuni abadlali batatazele ngisho ngabe kuthiwa benze iphutha kwengena igoli. Sifuna ukuqhubeka sidlale ngendlela efanayo.”