Umdlali wamaSpringboks oshaye into ecokeme kuma-quarterfinals, uMbongeni ‘Bongi’ Mbonambi uthi abawathathi kancane amaNgisi abazobhekana nawo namhlanje kwi-semifnal yeRugby World Cup.

UMbonambi uthi kungenzeka noma yini kulo mdlalo futhi abakaze bethi bazoyishaya kalula i-England.

“Asikaze sithi i-England ingaphansi kwethu, futhi nathi asiziboni siyimfivilithi kulo mdlalo. Umdlalo owumkhumulajezi, kungenzeka noma yini.”

Iphini likamqeqeshi uMzwandile Stick uthe iyabachaza indlela i-England edlala ngayo nokuthi ikhombise ukuba namandla ngesikhathi ibhekene neFiji ngeledlule.

“Uma usufinyelele kuma-semifinal awukwazi ukulithatha kancane elinye iqembu elifike kulesi sigava. Siyazi kuzoba wumdlalo onzima . Kodwa nathi, njengabo, siwulungele lo mdlalo. Ngikholwa wukuthi iqembu elizosebenzisa amathuba alo lizodlulela phambili.”

Umdlalo uzoqala ngo-9 ebusuku.

Khonamanjalo, izikhulu zeWorld Rugby zisola uKolbe ngokuphula umthetho 

Inhlangano eyengamele ibhola lombhoxo iWorld Rugby igxeka unompempe uBen O’Keefe nabasizi bakhe ngokuthatha izinqumo ezinhlanu ezingafanele emdlalweni wequarterfinal yeNdebe yoMhlaba phakathi kweFrance namaSpringboks. 

Lenhlangano iphinde yanquma ukuthi umdlali wasophondweni kumaBoks uCheslin Kolbe waphula umthetho evimba iphenathi eyayikhahlelwa uThomas Ramos weFrance. 

UKolbe wasuka ngesivinini kulayini wamaBoks, eyovimba uRamos kulomdlalo owawuvutha bhe eParis ngeSonto. 

AmaSpringboks agcine enqobe ngo 29-28, adlulela kuma-semifinals. 

Iziko lezindaba laseFrance iMidi Olympique liputshuze umbiko weWorld Rugby ovuma ukuthi uKolbe wasuka ngokushesha kulayini wakhe ekubeni uRamos wayengakakhombisi ukuthi uzokhahlela. 

Lenhlangano ibhale ukuthi unompempe wanikeza iFrance izinqumo ezintathu ezingafanele, ezinye ezimbili wazikhomba kumaBoks.