Umgadli weStellenbosch FC ozakhela igama ngokuvithiza inethi, u-Iqraam Rayners, usechaze ngomehluko oholele ekutheni aqhulule amagoli kuleli qembu laseWestern Cape uma kuqhathaniswa nesikhathi esadlala kwiSuperSport United. 

URayners uvutha engabaselwe njengoba esebhakuzise inethi amahlandla angu-20 emidlalweni engu-31 selokhu abuyele kuleliqembu elizinze eCape Winelands ngoJanuary. 

URayners (27) uthi akazange anikezwe ithuba kwiSuperSport njengoba wayedlaliswa ophondweni noma angene esiwombeni sesibili esuka ebhentshini. 

“Angilitholanga ithuba lokudlala kwiSuperSport United, ngibonga ukuthi sengibuyile ngoba bengijwayele ukuxoxa nomqeqeshi uSteve. Ngiyajabula ngefomu yami yokushaya amagoli,” kubeka uRayners ecashunwa abeDiski Times. 

IStellenbosch ivinjwe iRichards Bay endleleni ebheke kowamanqamu weCarling Knockout. Lamaqembu azotholana phezulu eMoses Mabhida Stadium ngoMgqibelo. 

URayners useqokwe njengomdlali ovelele amahlandla amabili kwiCarling, wahlabana ngesheke elinesamba sika-R100,000 umdlalo umunye. Lomdlali uthi lesamba esitholwa umdlali ovelele sigqugquzela bonke abadlali. 

“Lemali igqugquzela lonke iqembu ngoba ngifuna liqhubeke nokudlala kahle. Kungenzeka itholwe omunye umdlali, kufanele ngicabangele iqembu,” kuchaza uRayners.