Umqeqeshi weTS Galaxy uSead Ramovic ugadle kwezwakala kumqeqeshi weMamelodi Sundowns uRhulani Mokoena owakhala ngokushodelwa abadlali ngesikhathi lamaqembu etholana kwi-last 16 yeCarling Knockout eyanqotshwa yiRockets. 

ISundowns yenza izinguquko eziningi esikimini njengoba yayibhekene nomqansa wokudlala kwi-African Football League. 

IDowns yaphoqeleka ukuthi idlale kulomdlalo zingekho izethenjwa zayo ezazibizelwe kwiBafana Bafana eyayibhekene ne-Ivory Coast e-Abidjan. 

Ekhuluma nabezindaba, uRamovic uthe akasoze wavika ngokushodelwa abadlali uma ehluliwe. 

“Angifuni ukubeka izaba njengabanye abaqeqeshi. Kwavela izinkulumo ngesikhathi sishaya iSundowns. Bakhalaza ngabadlali abayisikhombisa ababengekho. Lokho kukhomba ukuthi akabahloniphi abadlali ababesenkundleni. 

“U-Allende (Marcelo) wathengwa ngo-R60 million, uMendieta (Junior) usayiniswe ngo-R12 million. Kusekhona uZungu (Bongani) nabanye abadlalela amaqembu esizwe. Ngathuka sengibona le nkulumo. 

“Badelela ithimba lami, abadlali kanye nami uqobo. Umqeqeshi ohlakaniphile akabeki izaba, uyavuma ukuthi iqhinga lakhe livinjiwe. 

“URhulani udelela abadlali kanye nabasizi bakhe uma ebona kungawineki ngabadlali abakhona. Iqembu eladlala nathi lingayinqoba neligi,” kuchaza uRamovic. 

URamovic uthembise ukuyiphinda ngenduku iSundowns uma sebehlangana emdlalweni weDSTV Premiership. 

“ISundowns inabadlali abasezingeni, lokho kuchaza ukuthi sadlala kahle. Ngiyajabula ngoba sayishaya. URhulani wasisola ngokupaka ibhasi ngesikhathi simhlula okokuqala. Angiyazi neCantenaccio ayekhuluma ngayo. Ngiyathembisa ukuthi sizoyihlula uma sesibhekana nayo,” kuchaza uRamovic. 

IGalaxy izobhekana naMaZulu emdlalweni owandulela owamanqamu kwiCarling Knockout ngeSonto.