Igoli likaRicharlison likhiphe i-Everton engozini yezembe beshaya iChelsea ngo 1-0 kwiPremier League eGoodison Park izolo.
I-Everton ishaye igoli kunomzuzu owodwa kubuywe ekhefini, uRicharlison esebenzisa ithuba ngemuva kokuphuca uCesar Azpilicueta ibhola kalula.
Yize iChelsea ibiwuphethe umdlalo, ihlulekile ukusebenzisa amathuba ewatholile kanti nonozinti uJordan Pickford ubevimba kwasani epalini.
IToffees isahleli ezembeni kodwa isisele ngamaphuzu amabili kwiBurnley neLeeds United. Inomdlalo owodwa osesandleni. IChelsea yona isihleli kanzima endaweni yesithathu kwiligi njengoba namanye amaqembu afuna iChampions League esesondela.
Ibhasi le-Everton lamukelwe izinkumbi zabalandeli emgwaqeni uGoodison Road, bezobongela iqembu ngaphambi komdlalo. Kubikwa nokuthi kwaqhunyiswa neziqhumane ngaphandle kwehhotela leChelsea ngoLwesihlanu.
“Akekho obesinikeza Ithuba kodwa besikholwa, siphinde sakhuthazwa ukwamukelwa abalandeli ngaphambi komdlalo. Leliqembu lisho lukhulu kubalandeli, lamaphuzu abalulekile kakhulu. Kusenzima empini yezembe,” kubeka uColeman ongukaputeni we-Everton.
Umqeqeshi weChelsea uThomas Tuchel ukhale ngephutha lika-Azpilicueta okuyilona elidlise ezakhe.
“Kufanele sinciphise amaphutha, siqinise emuva. Ibhola belidlalwa yithina kodwa sihlulekile ukusebenzisa amathuba esiwakhandile. Sinikezele ngegoli elisiqedele umdlalo. Yinto esijwayele ukuyenza kulesizini,” kusho uTuchel.