Umdlali weMamelodi Sundowns neBafana Bafana uKhuliso Mudau uthi yinto ekhulunywa ezinkundleni zokuxhumana angazi lutho ngayo indaba yokukhonjwa kwakhe kwi-Orlando Pirates.
UMudau ubeke kanje ngemuva komdlalo weMamelodi Sundowns ne-Al Hilal eLoftus Versfeld Stadium ngoLwesihlanu ebusuku ophele ngo 2-2.
Ngemuva kwezindaba zokuthi uMonnapule Saleng usejoyine iSundowns, ezinkundleni zokuxhumana abalandeli baqale umkhankaso wokufuna ngo dli uMudau njengoba kubukeka ezibheke ngokushiya kuleli qembu ekupheleni kwesizini.
“Omunye wabangani wangithumelela umbhalo thizeni ezinkundleni zokuxhumana, othi ngiya kwiPirates, angazi lutho ngaleyonto,” kusho yena kwi-video eqale ukusabalal izolo.
“Ngigxile kwiSundowns, inhliziyo yami ilayikhaya futhi ngisafuna ukunqoba izinto neqembu.”
UMudau ubekhonjwa kwiBucs nje ekuqaleni kwale sizini ubenokungaboni ngasolinye nabaphathi beqembu ngendaba yenkontileka yakhe. Kubikwa ukuthi uzimisele ngokuhlala ePretoria uma iSundowns izomnikeza inkontileka enhle njengoba engomunye wabadlali abamqoka kwiBafana futhi uyafunwa naseNorth Africa.