IKaizer Chiefs ikhuphukele kunombolo 6 kwilog yeBetway Premiership iginqa iRichards Bay FC ngo 2-1 ePeter Mokaba Stadium ngoLwesithathu ebusuku.
IChiefs iwuqale kahle umdlalo njengoba ibithunga ibhola eduze nebhokisi leNatal Rich Boyz kodwa kuze kwadingeka iset piece ukuze ithole igoli. Kukore uWandile Duba ngomzuzu ka-21. Bekuyigoli lakhe lokuqala kwiligi kule sizini.
Amakhosi aye ekhefini ephethe u-70% webhola esiwombeni sokuqala. Okuqaphelekile wukuthi uSibongiseni ‘Ox’ Mthethwa ubukeke ebuyelwa ukuzethemba phakathi nenkundla, indlela abedlala ngayo ibinikeza uYusuf Maart imvume yokuthi adlale ngokukhululeka naye esiswini okuyinto engavamile kule sizini.
IChiefs bekufanele iye ekhefini ihamba phambili ngamagoli amabili okungenani njengoba uBradley Cross eyeke uhlaba udle abewufakelwe wuDuba, wavele wakhahlela ibhola phezu kwamapali unozinti engekho futhi kungekho mdlali phambi kwakhe.
Isiwombe sesibili siqala kabili nokho njengoba uReeve Frosler ethola ikhadi lesibili eliphuzu, waphuma kanjalo ngomzuzu ka-48. Ukuphuma kwakhe kuphoqe umqeqeshi uNasreddine Nabi ukuthi akhiphe uPule Mmodi, obengavuthi ohlangothini lwesinxele uma sikhuluma iqiniso, kwangena uDillan Solomons.
Ngemuva kwekhadi elitholwe yiChiefs iBay ikhombise ukulilambela igoli lokulinganisa umdlalo njengoba nomqeqeshi weqembu enze izinguquko ukuze azame ukugqobhoza udonga lwaMakhosi.
Ngesikhathi kubukeka sengathi iBay iyabuya emdlalweni, u-Ashley Du Preez uvele wavalela igoli lesibili ngemuva kwephasi enhle kaYusuf Maart.
Lo mdlali naye uthole ithuba elihle lokuvalela igoli lesithathu kodwa wavele washaya inethi ngemuva kwebhola elihle abelifakelwe wuDu Preez, odabule udonga lweBay ngesisivinini ngomzuzu ka-79.
IBay ize yathola igoli ngomzuzu ka-90+1 uMbuthuma evalela icross uPeterson obekufanele aphume ezoyivimba. Nokho iChiefs iphinde yathola elinye ithuba lokukora uChristian Saile wavele washaya umoya sekushoda avalelwe ibhola enethini ngemuva kwebhola alifakelwe wuCross.
IChiefs izobhekana neRoyal AM ngeSonto ngo-17:45 enkundleni ePeter Mokaba Stadium.
Eminye imphumela yeBetway Premiership:
NgoLwesibili
Sekhukhune United 1-3 TS Galaxy, Chippa United 0-0 SuperSport United, Royal AM 2-3 Lamontville Golden Arrows
NgoLwesithathu
Kaizer Chiefs Richards Bay FC, Cape Town City FC 1-0 Polokwane City,