Umqeqeshi weKaizer Chiefs uNasreddine Nabi ucela abekezelelwe u-Inacio Miguel osezakhele igama elibi ngokuqinisa unyawo noma kungafanele.
UMiguel (28) ojoyine iChiefs ekuqaleni kwesizini esuka kwiPetro de Luanda, usegixabezwe amakhadi aphuzi emidlalweni emine, wakhishwa ngelibomvu koweCarling Knockout benebulwa yiMamelodi Sundowns kulenyanga.
Lesitobha sizokujezela ukuba uqina thambo enkundleni njengoba sizowubukela ekhaya oweDSTV Premiership neRichards Bay namuhla.
UNabi uthi uMiguel ungumholi oqotho odinga ukubamba isitayela sebhola sakuleli.
“UMiguel akanayo inkinga yokuhluleka ukuzilawula enkundleni. Ungumdlali osezingeni futhi ungukapteni weqembu.
“UMiguel usemusha ebholeni lakuleli, udinga isikhathi sokuthi ajwayele. Kumele azijwayeze nendlela okwenziwa ngayo kuleli, engagcini ngebhola kuphela.
âNgiyavuma ukuthi usethole amakhadi ayinqwaba kodwa ukwenza lokho ngoba ejulukela iqembu. Kuyenzeka aqinise kakhulu kodwa ngimboba engumdlali omuhle. Ungumdlali oqotho, ngimkhonxile kakhulu,” kubeka uNabi ekhuluma nabezindaba eNaturena Village.
UNabi uxwayise uMiguel ngokuqinisa unyawo emidlalweni, wathi akazame ukuqaphela.
“UMiguel ungithembisile ukuthi uzoshintsha. Angibhekile ukuthi ashintshe ukwenza ngoba ungumholi futhi uziphatha kahle nasenkundleni. Ngifuna aqaphele,” kusho uNabi.
IChiefs izokwamukela iBay eNew Peter Mokaba Stadium, ngehora lesikhombisa ebusuku.