Umgadli weStellenbosch ongalibheki inethi u-Iqraam Rayners usemagange ngokuzizwa amandla kwiCAF Confederations Cup, ayibona iyithuba lokuqinisa indawo yakhe esikwatini seBafana Bafana. 

IStellies sizogijima kwiConfederations Cup okokuqala ngqa emlandweni weqembu ngesizini ka-2024/25. Leliqembu lazithambisa sekuzophela isizini, lagcina liyibambe endaweni yesithathu kwiDStv Premiership. 

Ukushaya into ecokeme ngesizini edlule sekudonsele lomgadli amehlo ezesheli eziningi. URayners (28) uvalele enethini amagoli angu-15, wasala ngelilodwa kuTshegofatso Mabasa onqobe indondo yomshayimagoli. 

Lomgadli, oqokelwe ohlwini lweFootballer of the Season, Players’ Player of the Season neCarling Knockout Player of the Tournament, uthi akanalo ulwazi ngamaqembu okubikwa ukuthi ayameshela.

“Anginalo ulwazi ngamaqembu angifunayo ngoba leyondaba iqondene nabaphathi, ikakhulukazi uRob Benadie. Sengilindele ukudlala kwiCAF (Confederation Cup). 

“Sinethuba lokukhulisa iqembu kanye nokuthola isipiliyoni singabadlali. Ngithemba ukuthi ngizobuya nesipiliyoni esizongenza umdlali ongcono ngoba ngizimisele ngokugcina indawo yami kwiBafana. 

“Umqeqeshi uHugo (Broos) uyakholelwa kimi, ngizozama ngokusemandleni ukuqhubeka nomgqigqo wami, ngibonge uBroos ngokuqhulula amagoli. Yilokho engikubheke ukukwenza,” kuchaza uRayners ecashunwa yiSowetan.

URayners, owaqala ukudlala esikwatini ngoMashi kulonyaka, usenamagoli amabili emidlalweni emine eseqenjini lesizwe. Igoli lokuqala walivalela bebambana ngo 2-2 ne-Algeria ezinyangeni ezimbili ezedlule. Elesibili ulithole benqoba ngo 3-1 bebhekene neZimbabwe kowokuhlungela iNdebe yoMhlaba ekuqaleni kwenyanga.