Yize isikimu esizwa ngendaba kulesizini, umdlali weMamelodi Sundowns u-Aubrey Modiba uzizwa esefunde lukhulu kuleminyaka emibili aseyihlale eChloorkop.
UModiba ubonge abaqeqeshi ngokumsiza abone izindawo okufanele azilungise, nangokukhulisa ibhola lakhe.
Lomdlali (26) usebonakale emidlalweni engu-24 kulesizini, washaya amagoli amabili, waba ngumvusi wenyamazane amahlandla amabili.
“Kufanele ngibonge abaqeqeshi nabadlali beqembu. Bengihlale ngixoxa nabaqeqeshi ngendlela engidlala ngayo ejimini nasemidlalweni. Bangitshelile ngezindawo okufanele ngiqinise kuzo, izinto okumele ngizenze ukuze kuzosizakala iqembu.
Abadlali sebejwayelene, kufanele ngilinde elami ithuba. Bonke abadlali bakhombisa izinga eliphezulu uma bethola ithuba. Uyaphoqeleka ukuthi uzimisele.
Kufanele ulibambe ngezandla zombili ithuba uma ukuthola. Yingakho sengiqala nokushaya amagoli manje. Lokho akukho ngami, kumayelana neqembu. Iqembu lidinga ukunqoba, lishoshele phambili,” kuchaza uModiba esithangamini sabezindaba.
Kusukela ajoyina esuka kwiSuperSport United, uModiba usequkule isicoco seligi amahlandla amabili. Uthi usalambele ezinye izicoco.
“Ngikholwa ukuthi ngathatha isinqumo esihle ngokujoyina iSundowns ngoba yenze kahle kumasizini adlule, inqoba izindebe, ilwela neCAF Champions League.
Uma ungumdlali ufuna ukuncintisana nabanye abadlali, bengifuna nokunqoba iligi. Sengiyinqobile eyesibili, ngithemba ukuthi sizonqoba ezinye izicoco ukuze sizobuyela kwiChampions League.
Sifuna ukwenza kahle kwiChampions League, ngifuna sibuyele ukuze sizoyinqoba ekugcineni. Kunzima ukuwina iligi. Silwile, sadlala kangcono kunamanye amaqembu, yilokho okusisebenzele,” kubeka uModiba.