IBanyana Banyana ihlule omakhelwane iBotswana ngo 1-0 emdlalweni wokugcina wamaqoqo kwi-Africa Women’s Cup of Nations (AWCON) ngeSonto ebusuku.
Igoli lokunqoba lishaywe uNthabiseng Majiya ngomzuzu ka-81.
Lomphumela uqinisekise ukuthi iBanyana iqeda umzuliswano wamaqoqo namaphuzu agcwele njengoba ishaye wonke amaqembu ebibhekene nawo.
Umqeqeshi uDesiree Ellis ubeke kanje:
“Umdlalo ubushubile kakhulu, besikulindele lokho. Besazi ukuthi iBotswana izohlasela. Sijwayele ukudlala neBotswana, isifundile. Umdlalo ubunzima, ngibongela abadlali ngokuzinikela. Abadlali be bebumbene, baqinisekisa ukuthi akudluli lutho emuva.
Ngiyamjabulela uMajiya osemncane. Ukhombise izinga lakhe kwiHollywoodbets Super League. Ngiyajabula ukuthi ukhombise izinga lakhe, ukuzethemba kwakhe kuzonyuka.
Usebenza kanzima futhi ufunda kubadlali abanesipiliyoni. Useshaye igoli kumqhudelwano omkhulu, ngiyathemba uzoqhubeka nokuzimisela ukuze ibhola lakhe lizokhula,” kubeka lomqeqeshi.
IBanyana izobhekana neTunisia emdlalweni wama-quarterfinals ngomhlaka 14 kuJulayi.
ITunisia iqede endaweni yesithathu kuGroup B. Inqobe umdlalo owodwa ngokushaya iTogo.
“Isigaba siyakhula manje, umqhudelwano uzoba nzima kakhulu. Isigaba somkhumulajezi, wonke amaqembu afuna ukudlulela emzuliswaneni olandelayo.
Kufanele siqhubeke nokuzimisela, sibumbane enkundleni njengoba senzile emidlalweni eyedlule. Lokho kuzosiza njengoba sifuna ukunqoba lendebe,” kusho lomqeqeshi.