Umqeqeshi weCape Town Spurs u-Ernst Middendorp usephinde wakugcizelela ukuthi akukho ukuzwana phakathi kwabaqeqeshi bePSL eveza ukuthi bagcina ngokuxhawulana ngemuva kwemidlalo ‘bese bekhuluma udoti ngawe’.

UMiddendorp ubale umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uRulani Mokwena, oweSuperSport uGavin Hunt noSteve Komphela osebuyele kwiGolden Arrows kubaqeqeshi angathi ujwayelene nabo, kodwa abanye cha akabazi.

“Kunabaqeqeshi engibazi kangcono, abantu abanjengoRulani, Gavin Hunt mhlawumbe noSteve Komphela. Ngibazi ngoba ngike ngikhulume nabo. Abanye? Ngiyaxolisa. Sivezelana izinyo nje ukuze sikhombise ukuthi akuxatshenwe, kodwa uthi uphenduka basuke sebekhuluma amas*mba ngawe, bakhuluma udoti,” kusho uMazinyo ekhuluma neSoccer Laduma.

UMiddendorp uthe abantu kufanale bezibuze ukuthi kungani kunzima ukuhlanganisa abaqeqeshi bePSL emhlanganweni.

“Kunento eshodayo, usiko lwabaqeqeshi abazwanayo nesimo esikahle sokuqeqesha. Yinto esingayilungisi. Sengihlale isikhathi eside kakhulu kuleli bhizinisi, sengiyabazi abantu uma ubhekene nabo, abanye babo bayakuhleba. Kumele uqonde ukuthi uma ufuna abantu bekuthembe kumele ukwazi ukukhuluma nabo futhi uveze okuyiqiniso. Kumele nikwazi ukudingida amaqhinga. Akwenzeki lokho kwiPSL.”