U-Ernst Middendorp obizelwe ukuzohlenga umkhumbi ocwilayo kwiDStv Premiership, iCape Town Spurs, uthi abadlali bakhe bambukise ifilimu emdlalweni wayizolo beshaywa yiStellenbosch FC ngo 3-0.

Lo mqeqeshi uthi abadlali beSpurs ababukeki bekulambele ukuhlala esigabeni esiphezulu sebhola eNingizimu Afrika uma ubuka amaphutha abawenzayo nendlela abadlala ngayo.

Umphumela wayizolo ubeke ngokusobala umsebenzi osahlalele uMiddendorp eKapa njengoba iSpurs isishaywe imidlalo ewu-11 kwengu-12.

UMazinyo uvule ngenduku ka 2-1 emdlalweni wakhe wokuqala bebhekene neRoyal AM. Ekhuluma ngemuva komdlalo wayizolo uphumele obala wavuma ukuthi kunezinkinga ezijulile kuleli qembu okumele azame ukuzixazulula uma befuna ukuvika izembe.

“Kumele ngizame ukuyilungisa lento, ijulile. Njengamanje niyabona iqembu alinakho ukuzethemba. Ngesikhathi usuyophela umdlalo bebenganawo umdlandla futhi bebegqilazekile. Asidlalisi okweqembu elibumbene.

“Ingiphoxile imidlalo emibili edlule. Kunezinye izinto okwazi ukuzamukela uma uzibona enkundleni, kodwa ngasemaphethelweni omdlalo namhlanje kunezinto ezingavumelekile. Kunamaphutha acikayo.

“Sidlale umbhedo usuyophela umdlalo. Uma uqhathanisa nokwenzeka ngoMgqibelo (bedlala neRoyal AM), kwenzeka into efanayo, ngathi ifilimu.”

UMazinyo uqhube wathi uma ubuka indlela abadlale ngayo esiwombeni sokuqala izolo bekumele ngabe okungenani baye ekhefini zibambene ngo 1-1.

ISpurs izobhekana neMamelodi Sundowns emdlalweni olandelayo weligi, ngoDecember 13.