Umdlali weSuperSport United uKeagan Johannes ukholwa ukuthi bangayithwalisa kanzima iMamelodi Sundowns embangweni weligi.
Lamaqembu angomkhaya azotholana emdlalweni weDSTV Premiership eLucas Moripe Stadium namuhla ebusuku.
IDowns isiqede izinyanga ezimbili ingadlali kwiligi kodwa isele ngephuzu elilodwa kwiCape Town City ehleli esicongweni.
EzikaRhulani zisaqoqe amaphuzu angu-24, ekubeni zinemidlalo emine esandleni. AmaTsatsantsa ahleli endaweni yesibili ngamaphuzu angu-23.
“Umbango weligi awuphelile uma ubhekisisa kahle iligi. Sifuna ukuyinqoba yonke imidlalo, siqukule iligi ekugcineni. Sihluleke ngasekugcineni emidlalweni yezinkomishi kodwa isekhona iNedbank Cup. Sihlela ukunqoba indebe kulesizini,” kuchaza uJohannes.
UJohannes uthi lomdlalo womkhaya ubaluleke ngokufanayo neSoweto Derby.
“Imidlalo yomkhaya ijwayele ukusinda. Kukhulunywa kakhulu ngeSoweto Derby kodwa neTshwane Derby ibalulekile ngoba silwela ukukhonya endaweni yethu.
Sifuna ukuwunqoba lomdlalo ngoba ubaluleke kakhulu. Umdlalo ubalulekile nakubalandeli abavukela emsebenzini ngosuku olulandelayo ngoba banezinhlelo zokugqoka ijezi ngokuzigqaja,” kuchaza uJohannes.