Owayengumdlali we-Orlando Pirates neMamelodi Sundowns uBenedict ‘Tso’ Vilakazi ubona umkhulu umehluko ongenziwa uBongani Zungu uma engasayina kwiKaizer Chiefs.

UZungu (31) umangaze abaningi ememezela ukuthi uyashiya kwiMamelodi Sundowns, ayisize yaqukula iDStv Premiership ne-African Football League (AFL) ngesizini edlule.

UTso usola ukuthi uZungu ugaqele ukuyokha imali ngamafosholo eSaudi Arabia njengoba engekho amaqembu angamela izimfuno zakhe zezezimali kwiPremier Soccer League.

“Singithusile isinqumo sakhe, ngicabanga ukuthi ugaqele ukuyodlala eSaudi Arabia. Ngifikelwe yilokho emqondweni ngoba angiliboni iqembu lakuleli elingamshintsha umqondo ngokushiya kwiSundowns,” kubeka uTso ekhuluma esemsebenzini wakhe wokuhlaziya kwiDiski Times.

UTso uthi kunesikhala somdlali ofana noZungu kwiChiefs.

“UZungu kufanele asayine kwiChiefs. Lokho kuzongikhumbuza izinkakha ezifana noDonald ‘Ace’ Khuse ngesikhathi egijima esiswini kuleminyaka edlule. Ngikhumbula noPatrick Mbuthu kanye noThabo Mooki, abadlali ababekwazi ukugcina ibhola omyaweni. 

“IChiefs ayinabo abadlali basesiswini abakwazi ukugcina ibhola. Abadlali abakhona bahluleka nokucabanga uma bephethe ibhola. UZungu uyakhona ukubona izinto uma ephethe ibhola, ukwazi nokuhlela isisu. Akayena umdlali ofaka unyawo uma kumakwa kodwa uyawavimba amaphasi ngendlela enokuhlakanipha,” kubeka uTso.