Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uRulani Mokwena uthi amaqembu ePSL akhala ngemali yeSundowns awasike iphethini kwiBayer Leverkusen ekwaze ukugqilaza iBayern Munich ngemali ‘engatheni’.

Ziphinde zanda izikhalo zabaqeqeshi kwiDStv Premiership ngemali esetshenziswa yiSundowns uma ithenga abadlali ngesizini edlule njengoba ilande abanye abadlali baseSouth America noThembinkosi Lorch kwi-Orlando Pirates.

Kulindeleke ukuthi iqhubeke ikhiphe imali eshisiwe njengoba eseqalile amalungiselelo angesizini ka-2024/25.

Ekhuluma ngalolu daba, uMokwena uthi ayikho into abakhala ngayo abaqeqeshi bePSL ngoba iSundowns ayiwini ngemali.

“Siyiligi angavamile ukuveza imali esetshenziswayo. Ngiyabezwa nje ozakwethu bekhala ngokuthi sesikhiphe izimali ezithile ezishisiwe. Imina umqeqeshi waleli qembu kodwa kwamina angazi ukuthi sekusetshenziswe malini”, uMokwena ephawula ngalolu daba kwiPower FM.

“Kodwa kunabaqeqeshi abazitshela ukuthi bayazi ukuthi sesisebenzise malini, yingakho ngithi kumele sikhulume into enobufakazi. Angeke ungitshele ukuthi sesikhiphe imali eningi kunabanye ngoba asinabo ubufakazi baleyonto.

“Ucabanga ukuthi iBayer Leverkusen ikhiphe imali esondele kwekhishwe yiBayern Munich? Kodwa iBayern ayiwinanga lutho. Angeke ngiyivume lento ngoba ngiyazazi izithukuthuku zethu, okungayona imali nje kuphela. Abantu bayahluleka ukubona lokho”, eqhubeka.

“Bengibala nje ngelinye ilanga, ukuthi umdlalo nomdlalo esiwudlalayo siwulungiselela amahora alinganiselwa ku-20. Abantu abayiqondisisi lento. Njengoba sekudlalwa imidlalo eminingi kangaka, nokulindelwe kithi kwanda, kuba nzima kakhulu.”

Ngokwenkulumo kaRhulani, kulindeleke ukuthi iSundowns iqhubeke nokuletha abadlali abasha ngaphambi kwezinhlelo zabo zokulungiselela isizini ka2024/25 okubalwa kuzo uhambo oluya e-Austria la bezozilolonga khona bedlale nemidlalo yokulungiselela isizini entsha.