Umqeqeshi weKaizer Chiefs, u-Arthur Zwane, uthi sebeqedile ngokusayinisa abadlali abasha. UZwane uthi sebeyoze babheke ukusayinisa abadlali ngoJanuary ngonyaka ozayo nakhona uma kunesidingo.
IChiefs isayinise abadlali abawu-8 kuleli windi, yadedela abawu-13. Umdlali wokugcina osayinile umgadli waseBurundi uBonfis-Caleb Bimenyimana.
“Uma usazama ukuhlanganisa iqembu kumele ukugweme ukusayinisa inqwaba yabadlali ngoba lingase ligcine lingahlangananga iqembu. Ngicabanga ukuthi kuyo yonke iposition sinabadlali ababili noma abathathu, okuzosisiza ngokuhamba kwesizini, bese siyabona ukuthi sidinga ukuqinisa kuphi.
“Lizophinde livule iwindi ezinyangeni ezintathu, lokho kuzosipha ithuba lokuqinisa iqembu kodwa okwamanje ngicabanga ukuthi sikahle ezindaweni eziningi.”