Umqeqeshi weKaizer Chiefs u-Arthur Zwane usole ezakhe ngokuyithatha kancane iSwallows FC ngaphambi komdlali wayizolo abadliwe kuwo ngo 2-1 ePeter Mokaba Stadium.
ISwallows ikore kuqala kulo mdlalo uGregory Damons evalela igoli ngomzuzu ka-7, iChiefs yabuya ngegoli likaChristian Saile kodwa ngemuva kwemizuzu eyishumi ekorile, iDube Birds iphinde yahamba phambili ngegoli likaBongani Sam.
IChiefs yakhe inqwaba yamathuba okukora kulo mdlalo kodwa njengenjwayelo iphinde yakhombisa ukuba buthuntu phambi kwepali.
“Uma ubuka indlela esidlale ngayo esiwombeni sokuqala nasesiwombeni sesibili uyabona ukuthi kunabadlali abawuthathe kancane lo mdlalo. Siqale ngojamu, kwangena igoli ngenxa yokungavali kagle emuva, sajeziswa.
“Sivukile emaqandeni sathola igoli kwi-set play kodwa nakhona besingenzi okwanele, besingangeni ezikhaleni futhi singazakhi nezikhala zokudlala. Besivele silinde nje ukuthi ibhola lifike kuthina, ngaleso sikhathi iSwallows ibisivalile emuva okwenze kube nzima ukuthi sibavule. Kuphinde kwangena elinye igoli nge set piece, empeleni sibe nenhlanhla nje ukuthi akungenanga elinye ngendlela efanayo…”
UZwane uqhube wakhala ngokuzithela ngabandayo kwabadlali bakhe wathi ukube badlale kangcono esiwombeni sokuqala ngabe bathole umphumela ohlukile.
Lo mphumela ushiye iChiefs isele namathuba amancane okuqeda kunombolo 2 kwilog yeDStv Premiership.