Umqeqeshi weKaizer Chiefs ungene ezintangeni ebuzwa ngokapteni weTS Galaxy, uGiven Msimango okhonjwa kumaKhosi ekupheleni kwesizini.

Ngokwemibiko yakamuva kuvela ukuthi iChiefs isiqede konke ngokusayinisa lo mdlali, sekulindwe ukuthi kuphele isizini bese ebhaliswa emabhukwini ayo.

UZwane nokho akakuqinisekanga lokhu.

“Kunabadlali esibafunayo. Sizokwenza konke okusemandleni ukusayinisa abadlali abazoqinisa iqembu. Njengamanje angikwazi ukudalula imniningwane ngalokhu ngoba yiqembu elizokwenza izimemezelo,” kusho uZwane.

Ngaphandle kwalo mdlali, kubikwa ukuthi iChiefs isisayinise noMduduzi Mdantsane kwiCape Town City.

IChiefs izobhekana neStellenbosch FC ngoMqgibelo eFNB Stadium.