Ulindele umdlalo oshubile kwi-Golden Arrows umqeqeshi weKaizer Chiefs, u-Arthur Zwane. IChiefs ne-Arrows bazongqubuzana eMoses Mabhida ngo-31 December ngo-15:30 ntambama.

Amaqembu eDStv Premiership azobuyela enkundleni ngo-30 December kulandela ukuhlaba ikhefu ngenxa yeFIFA World Cup ebiseQatar.

Ekhuluma ngaphambi komdlalo ne-Arrows uZwane uthe bazobe bhekene neqembu elinzima.

“I-Arrows yiqembu okunzima ukubhekana nalo. Baqinile uma besuka emuva beya phambili, futhi bayakwazi ukushintsha indlela abadlala ngayo. Banabadlali abahle futhi abayingozi uma besondela ebhokisini lakho,” kusho uZwane engxoxweni efakwe kwi-website yeChiefs.

“Badlala kahle phambi kanti nasemuva baqinile. Kuzofana nokuthi siqwala intaba, kodwa sizobe siwulungele umdlalo ngeSonto.”

UZwane uthe neChiefs inezikhali zayo kodwa ezizomela kahle iqembu eMabhida.

Egcina ukuhlangana lawa maqembu i-Arrows yaginqa iChiefs ngo 2-1.