Umqeqeshi weKaizer Chiefs u-Arthur Zwane uthi ingamampunge indaba yokuthi akazwani noyiphini lakhe uDillon Sheppard ngenxa yokuthi akamxhawulanga emdlalweni odlule weMarumo Gallants.
Ngesikhathi sekuphele umdlalo, kwabukeka sengathi uZwane waziba uSheppard owayezama ukumxhawula. Umfanekiso oqoshiwe wasabalala ezinkundleni zokuxhumana, iningi labantu ligxeka uZwane lithi ukhombise ukudelela.
UZwane uthi abantu bayaphaphazela ngezinkulumo zabo. Uthi akazange asibone isandla sikaSheppard owayezama ukumxhawula.
UZwane uthi kungenzeka wayecasulwe umphumela, wagcina engamnakanga uSheppard.
“Angikaze ngiyibone leyonto. Kukhona umuntu owazama ukungichazela ngesigameko ngoba angisibonanga. Umqondo wami waphazamiseka ngoba ngaphoxwa umphumela womdlalo.
Ubudlelwano bami noSheppy buhle bakhulu. Ufana nomfowethu wesibili. Sikhuluma ngezinto eziningi, angilingabazi izinga lakhe. Njengoba ngangishilo ekuqaleni kwesizini ukuthi uSheppard ngiyamethemba kakhulu, ngingalala ngikhululeke eseduzane nami.
USheppard ungumuntu ozilungele, akazwani nokuhluleka, ufana nami. Ngiyajabula ngokuba nomuntu ofana noSheppard eduzane nami,” kubeka uZwane ekhuluma nabezindaba eNaturena namuhla.
IChiefs izodlala neSuperSport United eFNB Stadium ngoMgqibelo. Umdlalo uzoqala ngehora lesishiyagalombili ebusuku (20:00).