Umqeqeshi weRichards Bay uPitso Dladla uthi uyamangala uma ebona indlela asheshe ajwayela ngayo uNtsikelelo Nyauza ojoyine iqembu ngenyanga edlule.
UNyauza usedlale emidlalweni emithathu kusukela ejoyine iBay. UNyauza washaya igoli elanqobisa ezakhe zibhekene neStellenbosch FC.
UDladla uthi ubengalindele ukubona uNyauza ejwayela ngokushesha kodwa uchazekile ngokuzimisela kwakhe.
“USihlalo (Jomo Biyela) ukwazile ukusayinisa umdlali ongene khaxa eqenjini futhi oqine ukhakhayi.
UNyauza ungumdlali ozithobile njengabanye ozakwabo afike nabo. Bayasihlonipha singabaqeqeshi. Engikuthandayo ukuthi uSihlalo usayinuse umdlali ozinikelayo, osihloniphayo singabaqeqeshi abancane.
Lokho kusizile ngoba uNyauza uyakhombisa ukuthi usengumqemane, kuyasiza ukuba noSihlalo ofana noBiyela. Ngiyathemba ukuthi uzohlala engumqemane ngoba sizomdinga isizini yonke,” kubeka uDladla ekhuluma nabezindaba.
UNyauza (34), uthembise ukusebenzisa isipiliyoni sakhe ukuze ezosiza abadlali abasebancane abaqalayo ukudlala kwiDSTV Premiership.
“Siyiqembu elisha kuPSL. Umsebenzi wami ukugada abadlali abasebancane njengoba ngimdala. Nami ngagadwa ngisafika kwiPirates.
Ngagadwa uSiyabonga Sangweni noLucky Lekgwathi ngisafika kwiPirates. Kufanele ngidlulisele ulwazi kubadlali abasebancane ngingakathathi umhlalaphansi,” kubeka uNyauza.
IBay izobhekana neTS Galaxy eKing Zwelithini Stadium ngeSonto.