Umqeqeshi weKaizer Chiefs u-Arthur Zwane uthi uqoke ukudlalisa uNjabulo Blom esiswini ngoba esebenza kanzima maphakathi nenkundla uma etholwe ithuba.

UBlom ubebambe isisu emdlalweni weDSTV Premiership beshaya iSuperSport United ngo 2-1.

“Angingabazi ukuthi uNjabulo unethalente. Usebenza ngokuzikhandla esiswini. Sizomnikeza ithuba uma elungile kodwa kunombango wejezi eqenjini.

Bakhona abanye abadlali abazimiselayo kodwa ngibone isidingo sokuqalisa uBlom kulomdlalo. Kungenzeka abuyele ebhentshini emdlalweni olandelayo uma sidinga umdlali okwazi ukuhlasela.

Besilindele kuqine ibhawodi esiswini uma sesidlala neSuperSport. Bekufanele siqinise, silwele ukunqoba, okuyinto asize ngayo uNjabulo,” kubeka uZwane.