Umengameli waMaZulu, uSandile Zungu, useveze ukuthi unqume ukungamgcini ohlwini lwabaqeqeshi eqenjini elikhulu kuSuthu u-Ayanda Dlamini ngoba uhlulekile ukubafaka kwi-top 8.

Bekulindeleke ukuthi okungenani uDlamini agcinwe abe yisekele elisha lomqeqeshi ozoqashwa kuMaZulu kodwa uZungu uthi bakhethe ukumdedela ngoba uhlulekile ukwenza ayekuqashelwe.

“Wabekelwa umsebenzi ocacile, sathi akakhohlwe yizembe, AmaZulu ngeke adliwe yizembe. Ngaleso sikhathi ngicabanga ukuthi AmaZulu ayenamaphuzu awu-28, kusasele awu-18 ayesangatholwa emdlalweni esele ayengafaka AmaZulu kwi-top 8.

“Savumelana naye ngalokhu. Akakuzuzanga lokho…mina ngehlulela umsebenzi wakho ngemiphumela.”

“Ngifuna ukubona u-Ayanda ekhula, ngifuna ukumbona ethola izitifiketi zokuqeqesha. Akakulungele ukuba wumqeqeshi waMaZulu.”

UZungu uqhube waveza ukuthi umqeqeshi ofike washaya udaka kuSuthu, uRomain Folz, ngeke aqhubeke nesikhundla sakhe sokumeluleka ngoba usafuna ukuqeqesha.

Uthe kodwa uzoqhubeka axhumane naye ngoba ikhona indima ambona eyidlala kuMaZulu ngelinye ilanga.