Ungene ezintangeni umengameli waMaZulu, uSandile Zungu, ebuzwa ngomdlali ongasabonwa kuSuthu, uSiphesihle Maduna, kodwa uthi ‘basamthanda’.

UZungu uthi akazi limphatheleni ikusasa kuMaZulu uMaduna kodwa usewumdlali weqembu, yikho nje ukuthi kusangenzeka noma yini ngaye.

“Usawumdlali woSuthu. Uziqeqesha yedwa kodwa uyalelwa abaqeqeshi baMaZulu ngadinga ukukwenza. Akezi enkundleni futhi akavumekile ukuziqeqesha nqembu.

“Kunezinkinga ezikhona engingeke ngithande ukuzidalula, kodwa usewumdlali wethu. Angithandi ukuhlawumbisela ngekusasa lakhe kodwa inkontileka yakhe isazophela. Mhlawumbe sizoyivuselela, mhlawumbe ngeke sikwenze lokho. Mhlawumbe uzoya kwelinye iqembu, noma uzocela ukuhlala nathi. Usawumdlali wethu futhi siyamthanda.”

Inkulumo kaZungu ibeka ngokusobala ukuthi kukhona inkinga ekhona phakathi komdlali neqembu, okungenzeka ukuthi yinto esengalungiseka uma kuyinti ethinta ukuziphatha.

Ngokwemibiko yabezindaba nokho lo mdlali ufunwa amaqembu aseGoli okubalwa kuwo iKaizer Chiefs.