UNGQONGQOSHE wezobuCiko namaSiko uZizi Kodwa usezwakalise ukungenami ngokudayiswa kwezinto zalowo owayengumengameli wakuleli, uDkt Nelson Mandela. UKodwa uthi kufanele ugcinwe umlando kaMandela.
Izinto zikaMandela kusale kancane zingene endalini njengoba indodakazi yakhe uMakaziwe Mandela ethole imvume yokuzidayisa enkantolo eNkulu eTshwane ngenyanga edlule. Uhulumeni wakuleli nokho, ngaphansi kwegatsha leSouth African Heritage Resources Agency isazama ukusiphikisa isinqumo senkantolo, okuyigxathu elesekwa wuMnyango wezamaCiko nobuSiko kuleli.

Uma kungaphumeleli ukuphikisa kwabo lesi sinqumo, izinto zikaMandela eziwu-70 okubalwa kuzo amashethi adume ngawo, nomazisi wakhe zizodayiswa kwi-auction eNew York, e-United States. Umazisi wakhe uzoqala ku-R1.4 million.
Ngesikhathi inkantolo ukumvumela ukuthi adayise izinto zikaMandela uMakaziwe ithe uhulumeni wakuleli unehaba uma uthi ezinye zazo ziyigugu kubantu baseNingizimu Afrika.