Umqeqeshi weBarcelona, uXavi, useveze ukuthi ulindele umdlalo onzima kwiManchester United abazobhekana nayo namhlanje kowokuhlungela ukudlulela kwisigaba esilandelayo se-Europa League.
IBarcelona kuyihambela kahle kwiLaLiga kulezi nsuku njengoba ihamba phambili ngamaphuzu awu-8 kwilog, neMan United ivuke emaqendeni kule sizini njengoba ikwi-top 4 futhi isele ngamaphuzu amahlanu kwiqembu elisesicongweni.
Ekhuluma ngaphambi komdlalo wanamhlanje uXavi uthe uyalele abadlali bakhe ukuthi kuzomele bamgade umgadli weMan United, uMarcus Rashford oseshaye amagoli awu-13 emdlalweni ewu-15 edlule.
“Uma besanda kuwina ibhola uwumdlali oyingozi kakhulu futhi kumele simqaphele, kumele sibagade bonke kwi-counter attack. URashford ungomunye wabagadli abashisayo e-Europe njengamanje,” kusho uXavi.
“UTen Hag uwumqeqeshi osezingeni eliphezulu. Bengizitshela ukuthi yinto ezoba nzima ukuvusa i-United, kodwa nakhu usekwenzile.
“Abalandeli bayo bajabule, konke kulele kwindlela abadlala ngayo. Ushintshe okuningi kwindlela abahlasela ngayo nakwindlela abavala ngayo emuva. Sibhekene neqembu elinzima.”
Umdlali omusha weMan United obolekwe kwiBayern, uMarcel Sabitzer, uzobe engekho kumdlalo wanamhlanje ngenxa yamakhadi amathathu aphuzi awathola edlalela iBayern kwiChampions League. UCasemiro nokho uzobe ekhona, kulindeleke ukuthi aqale umdlalo noFred esiswini.
KwiBarcelona uDembele uzobe engekho ngenxa yokulimala.