Umdlali weManchester City uKyle Walker usola abalandeli beqembu ngokumgxekela ubala njengoba esengukapteni.
UWalker (33) ubambe ibhande kwiCity selokhu kwahamba u-Ilkay Gundogan, kwalimala noKevin de Bruyne oseqede izinyanga ezintathu engadlali.
ICity isele ngemuva ngamaphuzu amahlanu kwi-Arsenal ehleli esicongweni sePremier League kulesizini.
Yize uWalker ebeyinsika kwiCityzens eqenjini elinqobe izindebe ezintathu ngesizini edlule, lo mdlali ukhala ngokugxekwa okwedlulele kulesizini.
“Ngijwayele ukugxekwa. Ngiyagconwa uma kukhona engizokwenza okungekuhle. Ukugxekwa ngikujwayele empilweni yami, kuyangigqugquzela. Ngiyakubona okukhulunywa abantu ngoba ngingukapteni.
“Sidlala siyiqembu. Ngithwele umthwalo wokugxekwa ngoba ngingomunye wabadlali abadala eqenjini. Ngizoqhubeka nokuthwala ijoka lokugxekwa,” kuchaza uWalker ecashunwa abe-ESPN Sport.
UWalker wenze umzekelo ngoJeremy Doku noJack Grealish abagxekwa kakhulu uma iqembu lingenzi kahle.
“Ngiyagxekwa kakhulu, kuyinto engiyilindele. Abazali bami bangikhathalele, bayabona uma ngigxekwa. Abalandeli bebhola bayashesha ukukhohlwa.
“Ngikhumbula kukhulunywa ngoJeremy Doku obedlala kahle kodwa useyagxekwa ngoba uJack Grealish useshaya amagoli. Sekukhulunywa ukuthi uJack akabuyele eqenjini. Kuyinto engiyijwayele, kuyangigqugquzela ukugxekwa. Ngizobuya ngamandla noma ngigxekwa,”