Umgadli weBrazil uVinicius Junior uyavuma ukuthi bashaye udaka emdlalweni wokuqala kwiCopa America kodwa ucela banikezwe isikhathi.

IBrazil ibuye ilambatha eSoFi Stadium, eLos Angeles ngoMsombuluko ezintathakusa kulandela ukudlala i-draw engenawo amagoli ibhekene neCosta Rica. 

ISelecao, ebigadla ngoVinicius, uRodrygo Goes noRaphihna, ithuse unozinti weCosta Rica amahlandla amathathu kuphela emdlalweni.

UVinicius ucele abalandeli ukuba babekezele ngoba izinto zizolunga ngokuhamba kwesikhathi.

“Sinomqeqeshi omusha nabadlali abangakajwayeli ukudlalela iqembu lesizwe. Sidings isikhathi. Abalandeli bafuna sinqobe kalula, sizothatha amagxathu kancane. 

“Ngithemba ukuthi sizodlala kangcono emdlalweni olandelayo ngoba sesiyabuqonda ubunzima bomqhudelwano, nezinkundla esizodlala kuzo. Kunzima enkundleni ngoba nginamathelwa abadlali abane uma ngiphethe ibhola,” kubeka uVinicius ekhuluma nabezindaba sekuphele umdlalo.

ICosta Rica, ebivale ngezitobha ezinhlanu emuva, ibihlasela ngokuzumisa uma kuvuleka izikhala.

Umqeqeshi weBrazil uzamile ukubhodloza udonga lwezitha, wagcina esefake uSavio no-Endrick ngomzuzu ka-71, enethemba lokuthi bazoshukumisa eLos Angeles.

UVinicius uthi bazolwela ukwenza kangcono emdlalweni olandelayo abazowudlala neParaguay.

“Kufanele sibhukule, lokho kuyaphoqa. Nami ngizibonile izindawo okufanele ngiqinise kuzona ukuze kuzosizakala iqembu,” kubeka lomgadli obuyiselwe ebhentshini sekungena u-Endrick.

Umdlalo weBrazil neParaguay uzodlalwa ngoLwesihlanu eLas Vegas. IParaguay ivule ngesibhaxu njengoba ihlulwe yiColombia ngo 2-1 eHouston izolo ezintathakusa.