Umqeqeshi weGolden Arrows, uVusumuzi Vilakazi, uthi ngeke anqatshelwe ukuhamba uPule Mmodi uma kuqhamuka iqembu elizobeka imali abayifunayo.

UMmodi, oneminyaka ewu-29, umataniswa namaqembu aseSoweto, iKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates kodwa namanje akakucaci ukuthi uyaphi. Kule sizini usevalele amagoli amane emdlalweni ewu-14.

“UPule engasjiya noma inini uma sekubekwe imali yokumthenga. Asihleli ukumgcina uma kukhona iqembu elizobeka imali efunwa yi-Arrows.

“Uma esasemabhukwini eqembu sizoqhubeka nokumsebenzisa, ngoba naye uzimisele ngokusebenza nathi,” kusho uVilakazi kwi-Kickoff.

Ngaphambi kokuqala kwesizini ka-2022/2023 i-Arrows yakuveza ukuthi izimisele ngokudayisa lo mdlali kodwa alikho iqembu elakhipha imali yokumthenga.