Obengumqeqeshi weChelsea, uThomas Tuchel, kuvela ukuthi usenqabe imsebenzi emithathu kwiPremier League selokhe akhonjwa indlela kwiChelsea. Ngokombiko weDaily Mail lo mqeqeshi kuthiwa uzimisele ngokuqeqesha i-England ngemuva kweNdebe yoMhlaba eseQatar nonyaka.
Uhleli ngesinqe esisodwa kwiThree Lions uGareth Southgate kulandela imiphumela engagculisi kwiNations League nonyaka, nosekwenze abanye baphakamise ukuthi axoshwe ngaphambi kweNdebe yoMhlaba. Umqeqeshi obekhonjwa kwi-England, uGraham Potter, ugcine eqashwe yiChelsea kulandela ukuxoshwa kukaTuchel futhi libukeka liza kahle iqembu aliphekayo.
Lokhu sekubeke uTuchel phambili ohlwini lwabaqeqeshi abangapheka i-England equkethe abadlali abaphambili kodwa engakawini lutho olutheni emnyakeni edlule.
Kubikwa ukuthi uTuchel, oke wabonakala e-India ezinsukwini, uchithe imsebenzi emthathu kwiPremier League. Noma engaveli amaqembu awachithile, iqembu ebelidinga umqeqeshi muva nje iWolves. Amanye amaqembu angase adinge abaqeqeshi abasha yi-Aston Villa noLeicester City. Omabil lawa maqembu athwele kanzima kwiPremier League kule sizini futhi kungenzeka axoshe abaqeqeshi maduze uma imiphumela ingaguquki. Omabili anemali eyanele ukuqasha uTuchel.