Obengumqeqeshi weChelsea FC, uThomas Tuchel, usegcine ephefumulile ngokuxoshwa kwakhe kuleli qembu. Lo mqeqeshi bekungalindelekile ukuthi axoshwe kwiChelsea kwazise unqobe isicoco se-UEFA Champions League ngo-2021, wakwazi nokubuyisela iqembu kulo mqhudelwano ngeszini edlule. Ngemuva kokushaywa kumdlalo wokuqala we-UCL uTuchel ukhonjwe indlela kwiChelsea, okuyisinqumo esigxekwe abahlaziyi abaningi bebhola.
“Lesi ngesinye sezitatimende esinzima kunazo zonke esengike ngazibhala – benginethemba lokuthi kusazodlula iminyaka ngaphambi kokuthi ngidinge ukusiloba. Kungishaqile ukuxoshwa kwiChelsea. Bengizizwa ngisekhaya kuleli qembu. Ngiyabonga kakhulu kubasebenzi, abadlali kanye nabalandeli abangenze ngazizwa ngisekhaya kusukela ngifika.
“Ngizoziqhenya impilo yami yonke ngokunqoba isicoco seChampions League neClub World Cup naleli qembu,” kusho uTuchel.
IChelsea iqashe obewumqeqeshi weBrighton & Hove, uGraham Potter, njengomqeqeshi omusha weqembu.